Isinqumo somnyango sivezwe encwadini yokugunyaza noma yokwenqaba. Imibandela yokugunyaza isembhalweni werekhodi lesinqumo (ROD), ofakwe encwadini yokugunyaza.
Isikhalo kufanele sihambisane nayo yonke imibhalo efanele noma amakhophi ale mibhalo afakaziswe njengayiqiniso ukhomishani ofungisayo.
Isikhalo kufanele siwabeke onke amaqiniso kanye nezizathu zokufaka isikhalo.
Ufaka lesi sikhalo njengomuntu oyedwa noma usifaka egameni lomphakathi/lenhlangano?
Uma usifaka egameni lomphakathi noma lenhlangano, sicela unikeze ubufakazi obukugunyaza ukuthi ukwenze lokhu.
Isikhalo sakho ngabe sincike emaphuzwini ahambisana nohlelo olwalulandelwe owayefake isicelo sokuthola ukugunyazwa?
Ingabe isikhalo sakho sincike emaphuzwini ahambisana nemithelela engemukelekile kwezemvelo umnyango ongayibhekanga ekwenqabeni noma ekugunyazeni isicelo?
Ungavumelana nokuqhubeka kwalo msebenzi uma ukukhathazeka kwakho kungabhekelwa ngokulungisa uhlelo noma ngokuchaza noma ngokususa lokho okuwumphumela womsebenzi?
Ngabe uphikisana ngempela nokwenziwa kwalo msebenzi kule ndawo owenziwa kuwo?
Ngabe isikhalo sakho sinolwazi olusha olwalunganikezelwanga kumeluleki wezemvelo noma emnyangweni ngaphambi kokuba umnyango ucabange ngesicelo sakho?
Uma impendulo yakho engenhla kunguyebo, sicela uchaze ukuthi kungani kufanele ungqongqoshe alubhekisise futhi kungani lwalunganikezelwanga kumeluleki wezemvelo noma emnyangweni ngesikhathi sohlelo lokufaka izicelo.
Angiphikisani nokuthi lesi sikhalo sinikezwe noma iyiphi ingxenye yomuntu wesithathu ethandayo nethintekayo kanye/noma ilungu lomphakathi, njengoba ngikuqonda ukuthi uhlelo lwe-EIA lwenzela izinto obala.
